Abe-ANCYL baphika i-website efuna uguquko
2012-11-09 12:02
Johannesburg - Uphiko i-ANC Youth League seluphikile ukuthi yilo abanikazi be-website iForces of Change, ethi ifuna kube noguquko eqenjini i-African National Congress.
"Njengabo bonke abanye abantu baseNingizimu Afrika, i-ANC Youth League isanda kuzwa ngale-Forces of Change, kusho umkhulumeli wophiko uKhusela Sangoni-Khawe.
"Siyi-ANC Youth League siyafuna kube khona uguquko ebuholini obuphezulu beqembu, nokho siyakuqonda ukuthi lokho kungumsebenzi ofaka phakathi zonke izinhlaka."
I-website lena yethulwe ngoLwesithathu, ibhalwe izizathu ezinhlanu eziholela ekutheni bafune uguquko eqenjini.
"Sifuna uguquko ngoba abantu baseNingizimu Afrika abamethembi uMengameli uJacob Zuma," kusho umbhalo ku-website.
"Sidinga ubuholi obuzohola ngendlela i-ANC, kube khona intuthuko noguquko olufanele kuphinde kuqhutshwe umbono nemigomo."
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA