Abazali kwelokubulala usana lwabo

2013-02-01 08:32

Johannesburg - Zingase zibekwe icala lokubulala izithandani kulandela ukugunjwa kwesidumbu sosana lwazo olwalunamasonto amabili luzelwe emzini wazo eDelareyville, kusho amaphoyisa aseNorth West.

Isidumbu sengane sitholakale egcekeni ngoLwesithathu ngesikhathi amaphoyisa elunywa indlebe ngomakhelwane abebesola, kusho uSergeant Philani Nkwalase.

"Omakhelwane babe nokusola ngesikhathi bengayiboni ingane njengoba owesifazane ebezithwele," kusho uNkwalase.

Ngesikhathi bephekwa ngemibuzo abazali, bavumile ukuthi ingane bayingcwabe egcekeni ngemuva kokushona.

Amaphoyisa atshelwe ukuthi ingane yazalwa ngoJanuwari 14 yase ishona ngeSonto ngemuva kokugula.

Isidumbu sibe sesiyagunjwa ukuze siyohlolwa.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-21°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C High level clouds. Mild.
Jhb: 3-14°C Mostly sunny. Cool. Bloem: 1-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...