Abazali kuthiwa baxhaphaza uhlelo lokubasiza
2012-11-20 14:05
Durban - Abazali abathize kutholakale ukuthi baxhaphaza uhlelo lukahulumni lokubhekelela abazali abahlwempu lokuthi bacishelwe izikweletu zabantwana babo ezikoleni, kusho izigungu ezengamele izikole, kubika iThe Mercury.
Sikhule kakhulu isibalo sabazali ababhalisela ukungena ngaphansi kohlelo lokubhekelelwa nguhulumeni, nokho kuthiwa kukhona nabadla izimbane likapondo nabo asebeyingxenye yalolu hlelo.
Izigungu ezibhekele izikole zithi uhlelo ekubhekwa ngalo ukweswela kwabazali yilona olunogcobho noluholela ekutheni kube nomkhonyovu.
Uhlelo lolu luthi abazali abenza imali elinganiselwa ku-R500 000 ngonyaka futhi abakhokhela ingane eyodwa isamba esingu-R35 000 esikoleni, bangakwazi ukuthi behliselwe imali yesikole ngo-79%.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24