Abazali bakhala ngezingane ezinamadimoni

2012-10-11 12:01

Johannesburg - Sebehlale bethukile abazali bezingane zaseVosloorus, ku-extention 28, abathi izingane zabo zingenwe amadimoni, kubika iDaily Sun.

NgoLwesibili abazali babambe umhlangano wokudingida ngale nhlekelele abathi babhekene nayo, umhlangano ubuhlelwe ngokubambisana noBrigadier Max Masha kanye nabefundisi basendaweni.

Umholi womphakathi u-Oupa Thobejane uthe izingane ezine, okungamantombazane amathathu nomfana, zibalandise ngakho konke okwenzeka kuzo.

Izingane ziseminyakeni ephakathi kuka-12 no-14 ubudala, zithi ziyahamba ebusuku ziye emfuleni bese zifica abantu abathize abazitshela ukuthi zigile imikhuba eyesabekayo.

Izingane zithi zizwa abantu bezibiza ngamagama, zilandele zize zifike emfuleni, zithi zifike ziphuziswe itiye elimnyama eliphenduka libe yigazi.

Umzali ongafunanga ukudalulwa, uthe indodakazi yakhe nayo ithe yabizwa ngegama kwathi uma ifika emfuleni yafica abangani bayo ababili.

Ithi abantu laba babatshela ukuthi abalwe, ozowina uzonikwa iringi ezomenza abe namandla angapheli.

Abazali bathi bayasaba ukuthi lo mkhuba ungase utheleleke nakwezinye izingane.
 


 - Thola ezinye izindaba zeDaily Sun kumakhalekhukhwini wakho

 - Thola izindaba zeDaily Sun kuFacebook

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- Daily Sun

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-26°C Heavy rain early. Decreasing cloudiness. Pleasantly warm.
Jhb: 12-20°C Heavy rain. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. Broken clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-18°C Numerous showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...