Abayishumi kwelokudlwengula owesifazane

2013-02-22 14:02

Johannesburg - Amadoda ayishumi abhekene necala lokudlwengula owesifazane eDriefontein Number Five Shaft, eCarletonville, azovela ngaphambi kwenkantolo ngesonto elizayo, kusho amaphoyisa.

Ngokusho kukaLieutenant Colonel Lungelo Dlamini, abasolwa bazovela ngaphambi kweNkantolo yeMantshi yaseCarletonville, laba baboshwe ngoLwesine ekuseni.

"Kukholakala ukuthi isisulu nomngani waso bebesendleleni begoduka, ngesikhathi bebanjwa ngabavukuzi abangekho emthethweni," kusho uDlamini.

Owesifazane oneminyaka engu-23 ubudala, washaywa ngesagila ekhanda, wase ehudulelwa esikhotheni wadlwengulwa ngamadoda ayisishiyagalombili, umngani wakwazi ukubaleka.

UDlamini uthi amadoda athatha lona wesifazane aya naye emkhukhwini, aqhubeka nokumdlwengula kwangenelela namanye amadoda amane.

"Owesifazane wathola ukulimala kwadingeka angeniswe esibhedlela. Amadoda aboshiwe ngawaseLesotho, ababili basafunwa."



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...