Abavukuzi bahishwe yigesi bashona

2013-02-12 12:03

Johannesburg - Abavukuzi ababili abangagunyaziwe, bashonile kanti oyedwa usesimweni esingesihle kulandela ukuthi bahishwe yigesi yohlobo lwe-methane, emayini engasasebenzi eRoodepoort.

Abezimo eziphuthumayo eGoli, bakhiphe lo mbiko ngoLwesibili.

Isikhulu uNana Radebe uthi owesilisa utakulwe emayini iDurban Deep, ngezithuba zawo-20:00, ngoMsobuluko.

"Ungeniswe esibhedlela esesimeni esibucayi."

Ngezithuba zawo-02:00 ngoLwesibili, amaphoyisa athole isidumbu sendoda ekukholakala ukuthi ihishwe yigesi, uRadebe uthi bazozama ukuthungatha isidumbu sendoda yesithathu.

Amaphoyisa atshelwe ukuthi amadoda ahileke aquleka.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...