'Abavikelwe abadayisa ngomzimba'
2011-12-19 12:19
Durban - ISex Workers Education and Advocacy Task Force ifuna uhulumeni avikele abaqwayizi, kubika iNewswatch.
I-Sweat ithi bahlanu abadayisa ngomzimba asebebulelwe kulonyaka eThekwini; okuyinto ebingathathelwa izinyathelo ezinqala ukuba ukudayisa komzimba kusemthethweni eNingizimu Afrika.
Bangaphezulu kuka-250 000 abantu abadayisa ngomzimba abebehlangene ezingxenyeni ezahlukene kulelizwe ngoMgqibelo ukulwisana nodlame olubhekiswe kubantu abadayisa ngemizimba, nokuzozilela labo abalahlekelwe impilo yabo.
USally-Jean Shackleton walenhlangano uthi iningi labantu abathengisa ngemizimba yabo baphoqwa yisimo somnotho.
Uthi udlame olubhekiswe kubantu abadayisa ngemizima akumele kube yindaba okukhulunywa ngayo kanye ngonyaka – ngoba abanye balaba besifazane bahlukumezeka nsukuzonke.
"Kubalulekile ukuba siqinisekise ukuthi lababantu bayakwazi ukuthi nabo babike ngodlame abalubonayo, noma ababhekana nalo, nokuthi bayathola ukuvikelwa ngumthetho, njengazozonke izakhamuzi."
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- News24