Abathembani abamnyama nabamhlophe kuleli - Umbiko

2014-08-15 07:28

Johannesburg - Umbiko wocwaningo olusanda kwenziwa uveza ukuthi kuncane kakhulu ukuthembana phakathi kwabamnyama nabamhlophe eNingizimu Afrika, kanti kuyehla unyaka nonyaka.

"U-73% wabantu abamnyama ukuvumile lokhu kwathi u-44% wabamhlophe nawo wathi kunjalo," kusho uMqondisi weGauteng City-Region Observatory (GCRO), uSolwazi David Everatt.

"Kuthiwa ikhula unyaka nonyaka indaba yokuqina kwezinhliziyo okwenziwa ngabantu abamnyama kubhekiswe kwabamhlophe.

"Lo mbiko uqhuba ngokuthi nokho abelungu bona baya ngokuthamba, kanti ezinhliziyo zabo azisekho lukhuni."

I-GCRO, ibambisene ne-University of Johannesburg, University of the Witwatersrand, uhulumeni waseGauteng ne-SA Local Government Association, baqhube lolu cwaningo ebantwini abangu-25 000.

Bekucashunwa okungenani abantu abangu-60 kuwona wonke amawadi komasipala abakhulu, no-30% komasipala abancane.

Likhuphuke lisuka ku-68% ngo-2009 inani labantu abamnyama abathi ababathembi abantu abamhlophe, njengoba manje limi ku-73%.

AmaKhaladi namaNdiya nawo avumelane nokushiwo ngabamnyama.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-17°C Rain early. More sun than clouds. Cool. Pta: 13-33°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-28°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 9-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-23°C More sun than clouds. Mild. PE: 14-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...