Abasolwa abanganikwa ibheyili - Xingwana

2013-02-12 14:02

Bredasdorp - Abasolwa ababili ababhekene necala lokudlwengulwa nokubulawa ngesihluku kwentombazane yaseBredasdorp, u-Anene Booysen, 17, kumele bangayitholi ibheyili enkantolo.

Lokhu kushiwo nguNgqongqoshe woMnyango wezabesiFazane kanye iziNgane kanye nabaphila nokuKhubazeka uLulu Xingwana, naye obesenkantolo ngoLwesibili.

"Sithi ezinkantolo akumele kube khona ibheyili," esho etshela abezindaba abakade bengaphanndle kwenkantolo njengoba bekuvela abasolwa uJonathan Davids noJohannes Kana.

UXingwana uthi kumele banikwe isigwebo esinzima abantu abatholakala benamacala okuhlukumeza nokubulala abesifazane nezingane.

Ekuhambeleni kukangqongqoshe enkantolo, uhlale eduze nomndeni wakwaBooysen, nabelokhu ewududuza.

Abasolwa bebezifihle ubuso ngamathawula, icala lizobuyela enkantolo mhlaka-26 Febhuwari.

NgoMsombuluko, inkantolo inqume yathi izithombe zabasolwa azingavezwa emphakathini, ithi lokho kungase kuphazamise ukuqhubeka kwecala.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-25°C Sunny. Warm. Pta: 18-31°C Rain late. Afternoon clouds. Warm.
Jhb: 15-26°C Showers late. Afternoon clouds. Warm. Bloem: 14-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 15-24°C Mostly cloudy. Mild. PE: 16-18°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...