Abasinde engozini basola umshayeli

2012-06-26 10:03

Johannesburg - Labo abasinde ngesikhathi kugingqika ibhasi lakwaPutco ngaseMeyerton, nalapho kushone khona abantu abangu-19, basola umshayeli, kusho umbiko ngoLwesibili.

U-Elizabeth Xaba, 45, nothola ukwelashwa eSebokeng Hospital, utshele iBeeld ukuthi umshayeli akazange asehlise isivinini ngesikhathi ethatha ijika ebhulohweni.

"Ibhasi belidla amagalani. Kuthe emuva kwesikhashana ngabona ibhasi selingene exhaphozini kunabantu abakhalayo ngenxa yezinhlungu."

Omunye umgibeli u-Ishmael Thomas, 35, ophuke izimbambo eziyisishiyagalombili wathinteka nephaphu, uthe ubezwa sengathi uyashona.

"Umshayeli ubegijima kakhulu, bese ngizibala nabashonile," esho.

Umshayeli uphakathi kwabantu abashonile.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C Sunny. Mild. Pta: 5-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-18°C Sunny. Mild. Bloem: 1-21°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-22°C Morning clouds. Mild. PE: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...