Abashayeli mabahloniphe umthetho - Mchunu

2012-11-19 07:33

Durban - UNgqongqoshe wezokuThutha KwaZulu-Natal uWillies Mchunu ngeSonto umemele bonke abashayeli bezimoto ukuba balandele imithetho yomgwaqo kulandela ukushona kwabantu abayisithupha ogwini oluseningizimu.

“Ngicela bonke abashayeli ukuba bahloniphe umthetho. Asisebenzisane ukuze kugwemeke ukulahleka kwezimpilo zabantu abangenacala emgwaqeni," kusho yena.

NgoMgqibelo ebusuku, iveni ebisuka eThekwini ilibhekise eMthatha iphaphalazile yalala amankeyane emgwaqeni uN2 endaweni yaseZinqoleni, kwathi abantu abane bashonela khona lapho.

Abanye ababili bashonele esibhedlela, abayisikhombisa bangeniswe khona esibhedlela ngenxa yokulimala.

“Akukholakali ukuthi silahlekelwa abantu abaningi kangaka emigwaqeni yethu esifundazweni. Iningi lezingozi lidalwa ubudedengu emgwaqeni obenziwa abantu abangayinaki imithetho.

“Lezi zingozi esizibonayo azamukelekile. Lokhu kudlula emhlabeni kwabantu abayisithupha kumele kuqwashise nabanye abantu," kusho uMchunu.

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 4-19°C Sunny. Mild.
Jhb: 3-15°C Sunny. Cool. Bloem: 0-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 9-26°C Sunny. Mild. PE: 8-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...