Abashayeli bamatekisi basabela izimpilo zabo

2011-11-03 14:51

Durban - Bahlalele ovalweni abashayeli bamatekisi ahamba amabanga amade KwaZulu-Natal ngenxa yokusabalala kwamahlebezi okuthi izingozi zemigwaqo ezinyantisayo ezenzeka muva nje zibangelwa yimimoya emibi ye-Satanism ethe chithi saka, kubika iphephandaba iSolezwe.

Lokhu sekuze kwaholela ekutheni uma kuphuma itekisi kudlalwe umculo wokholo ukuze kuzanywe ukuxosha le mimoya nalabo okusolakala ukuthi basebenzela usathane.

Abashayeli baserenki yaseDurban Station bavumelana ngo-elethu ukuthi isimo sibucayi kangaka nje emigwaqweni yakulesi sifundazwe yingoba kunabantu abagibela amatekisi abango-”sathanenzima”.

Omunye walaba bashayeli, uMnuz Bheki Mathe waseSovane, oshayela amatekisi ahamba phakathi KwaNongoma neTheku, uthe impela banovalo ngalesi simo.

Uthe sekunzima ukudlala umculo abawuthandayo ngoba benzela ukuphepha kwabagibeli nokwabo ngokudlala owokholo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 11-17°C Sunny. Mild. Pta: 7-21°C Sunny. Mild.
Jhb: 4-17°C Sunny. Mild. Bloem: -4-19°C Sunny. Mild.
Dbn: 15-20°C More sun than clouds. Cool. PE: 9-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...