Abasebenzi bayalala emsebenzini - Ungqongqoshe
2012-09-26 10:01
Johannesburg - UNgqongqoshe wezemiSebenzi kaHulumeni uLindiwe
Sisulu uthi abanye babasebenzi bakubona kungasiyo neze inkinga ukuthatha isihlwathi ngesikhathi somsebenzi noma nje bazidelelele, kubika iphephandaba iBeeld ngoLwesithathu.
USisulu ubephendula umbuzo wePhalamende ophonswe yilungu uMalesane Themba, obebuza ukuthi bangaki abasebenzi bakahulumeni asebexoshelwe ukungaziphathi kahle emsebenzini.
Ngokusho kukaSisulu, balinganiselwa ku-3 000 abasebenzi abamiswa esikhathini esiyiminyaka emithathu, kwathi abangu-149 kubona baxoshwa.
USisulu uthi abasebenzi laba bebeshaya indiva imigomo yomsebenzi wabo, abanye besebenzisa budedengu izimali zikahulumeni kanti abanye batholakala namacala okweba, abanye belova kakhulu emsebenzini.
Amacala ahlanganisa awokuhlukumeza ngokocansi, ukulala emsebenzini, ukucwasa kanjalo nokudelela abasebenzi angamanye amacala andile uMnyango obhekana nawo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA