AbaseThekwini basathunjwe abaduni bemikhumbi

2011-08-25 09:52

Durban - Sekuphele isikhathi ezingangezinyanga eziyishumi abashadikazi baseThekwini uBruno Pelizzari noDeborah Calitz bathunjwa abaduni bemikhumbi baseSomalia, kubika isiteshi somsakazo i-East Coast Radio.

Izihlobo zabo zitshele lo msakazo ukuthi kusaqhubeka izingxoxo ezishubile mayelana nokukhululwa kwabo.

Laba bobabili bathunjwa emuva kokuthi isikebhe ababehamba ngaso beza kuleli sadunwa ogwini lwaseKenya ngo-Okthoba wangonyaka odlule.

Udadewabo kaPelizzari, uVera Hecht, uthi abaduni bafuna isamba semali engu-$4 million ukuze babadedele.

Ngasekuqaleni kwale nyanga inkantolo yaseNetherlands yagweba abaduni bemikhumbi ababili baseSomali iminyaka engu-6 no-7 bebhadla ejele ngokuba nesandla ekuthunjweni kwabantu ababili bakuleli.

"Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

"Akuqiniswe ezokuphepha ezikoleni"

Emizuzwini eyi-20 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-17°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. Pta: 3-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 6-19°C Sunny. Mild. Bloem: 2-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 8-24°C Sunny. Mild. PE: 9-26°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...