AbaseGoli abaqhumisa ama-ATM sebengenise eKapa
2012-11-29 12:02
Johannesburg - Izigilamkhuba zaseGoli eziqhumisa imishini yokukhipha imali, ezihlanganisa abantu base-Eastern Cape abaqeqeshwe ngokwasembuthweni, sezingenise eKapa.
Laba basebenzisa iziqhumane, amaphoyisa asecele abantu ukuthi baqaphele uma bekhipha imali njengoba ziya zanda lezi zehlakalo eKapa.
Umbiko wephephandaba iCape Argus uthi kuqhunyiswe i-ATM esuphamakethe eseLondon Way, e-Eerste River, ngoLwesithathu.
Izigilamkhuba kuthiwa zikwaze ukubaleka nesamba semali engadalulwanga, imithombo yephephandaba ithi amaphoyisa athungatha isigejana esiqhamuka eGoli, esihlanganisa abathile base-Eastern Cape.
Laba kuthiwa sebebalekele eKapa njengoba ezokuphepha ziqine kakhulu eGauteng.
Okhulumela amaphoyisa uCaptain FC van Wyk uthe laba abaqhumise umshini e-Eerste River, babaleke ngemoto eyiMazda, emhlophe.
“Amaphoyisa aphambane nemoto eyiMazda, ebigijima kakhulu, ibinezinombolo ezingaziwa, amaphoyisa azame ukuyijaha nokho ahluleka," kusho uVan Wyk.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24