Abanye be-ANC kuthiwa bathengela uZuma ivoti

2012-11-26 10:01

Pretoria - Owabe enguNgqongqoshe woMnyango wezeZindlu eGauteng uHumphrey Mmemezi ekanye nabanye, kuthiwa bakhokha izindodla zemali bekhokhela amanye amalungu eqembu kuze bezophakamisa igama likaMengameli Jacob Zuma, ngaphambi kokhetho lwaseMangaung.

Abezindaba zakwa-Independent Newspapers bathi batshelwe ngumthombo wabo othembekile eTshwane, wathi uMeya uKgosientso Ramokgopa usefake isikhalazo ngoMmemezi, kuthiwa uMmemezi ubengekho emhlanganweni ngesikhathi kufakwa isikhalazo ngaye.

IPretoria News ibike ukuthi uMmemezi waphoqeka ukuthi ashiye isikhundla sakhe ngesikhathi kuvela amahlazo athi wasebenzisa budedengu izimali zabakhokhi bentela.

Umthombo lona uqhubeke wathi uRamokgopa, oweseka iPhini likaMengameli uKgalema Motlanthe, uveze negama likaNgqongqoshe woMnyango wezokuPhepha koMphakathi uFaith Mazibuko, wathi naye ungomunye wabakhokha imali bethenga amavoti kaZuma.

I-African National Congress izobamba ukhetho lwezikhundla ngenyanga ezayo.

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-24°C High level clouds. Mild. Pta: 17-30°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 14-24°C Passing showers. Morning clouds. Mild. Bloem: 14-18°C Rain showers. Broken clouds. Mild.
Dbn: 17-20°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 16-19°C More clouds than sun. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...