Abanye ababoshiwe ngelokuthumba
2012-10-05 10:02
Durban - Amaphoyisa aseDurban North abophe abasolwa ababili mayelana nesehlaklo sokuthumba uDorothy Carlyle, owathunjwa ngesikhathi kudunwa imoto yakhe, ukuboshwa kwalaba kwenze sifinyelele kwabayisihlanu abantu asebeboshiwe, kubika iThe Mercury.
Ngokusho kukaLieutenant
Raymond Deokaran, uthe amaphoyisa asebenze ubusuku nemini ezama ukubamba abasolwa.
Abasolwa ababili abaneminyaka engu-17 no-22 ubudala, baboshwe beselokishini KwaMashu, kwa-M.
UDeokaran uthe amaphoyisa asathungatha abanye abasolwa.
UCarlyle wathunjwa ngamadoda amathathu, ngoLwesibili ngesithuba zawo-14:00, waze watholakala ebusuku ngezithuba zawo-23:00.
Etholakala wabe evalelwe ebhuthini yemoto yakhe.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- News24