Abantu badliwa umona - Mpisane
2013-02-11 08:17
Durban - Usomabizinisi waseThekwini uShauwn Mpisane uthi uncamela ukuyobhadla ejele, inqobo nje lokho uma kuzoqinisekisa ukuthi izimfamona ziyayeka ukubalandela, kubika iSunday Tribune.
Ebhekise ezindabeni ezimlandela ngemuva uthe: “Kuyabonakala nje ukuthi kukhona abathile abafuna ukungibona ngisejele. Ngicabanga ukuthi mhlawumbe uma ngiboshwa bazokweneliseka bese beyayeka ukungilandela."
UMpisane nomyeni wakhe uSbu bashaqelwe izimoto zikanokusho ngesonto eledlule njengokomyalelo weNkantolo eNkulu yaseThekwini.
Yize noma igaraji lezimoto emzini wabo selinezimoto ezintathu kuphela, okuyiMaserati, iRange Rover neBMW, bathi laba akuphelile ngabo.
“Abantu bathi sishaqelwe yonke into, sashiywa sihleli ezigqikini, kodwa konke lokho kungamampunge," kusho uShauwn.
"SinoSbu sithanda izimoto zikanokusho ngakho siyazithenga ngenxa yokuthi sinawo amandla. Abaye banomona ngempumelelo yethu njengoba sisebancane nje."
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- News24