Abantu badinga imisebenzi - Ramaphosa
2013-01-11 11:02
Thamsanqa Magubane noNalini Naidoo, The Witness
Pietermaritzburg – Kumangale abaningi ngesikhathi iPhini likaMengameli we-African National Congress uCyril Ramaphosa ehambela abadayisi basemgwaqeni ethenga kubo, eMgungundlovu.
URamaphosa udlule ngaserenki yamatekisi eFreedom Square naserenki yase-Imbali, okuyilapho khona engungwe abagibeli bemlandela. Ubingelele abadayisi, abashayeli bamatekisi nabebezidlulela.
Labo abayingcosana abebengamazi, babuze kwabanye ukuthi ubani lo saziwayo. Lesi sikhulu sikhulume nabadayisi basemgwaqeni sababuza ngezinselelo ababhekana nazo ngesikhathi ethenga izithelo kubona.
“Ungibuze ngezinkinga esibhekana nazo ngamtshela ukuthi le ndawo engayinikwa umasipala ukuba ngidayisele kuyona isiyavuza,” kusho uNomathemba Ngubane, odayisa ukudla.
UClementia Duma, naye odayisa emgwaqeni, uthe ukuhlangana noRamaphosa kube yithuba eliyintokozo. "Ngimazela kumabonakude kodwa manje ngimbone ngawami. Ufike kahle njengoba nogesi singenawo nje.”
UDuma ukhulume noRamaphosa nge-ANC. "usimemele ukuba siye embuthaneni we-ANC ngase ngimbuza ukuthi uzokhuluma yini, uthe kuzokhuluma kuphela uMengameli uJacob Zuma.”
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- The Witness