Abangu-71 baboshelwe impi yombango e-E Cape

2013-01-22 16:24

Johannesburg - Abantu abangu-71 bazolala bebaliwe, kulandela ukuthi baboshwe mayelana nodweshu oluneminyaka emithathu luqhubeka endaweni yakwaCentane, kulwa umphakathi ongomakhelwane, kusho amaphoyisa ase-Eastern Cape.

Bonke ababoshiwe bashaqwe besemakhaya abo, kusho okhulumela amaphoyisa uCaptain Jackson Manatha.

"Ababoshiwe basolwa ngezehlakalo ezihlanganisa ukubulala, ukuzama ukubulala kanye nokudala udlame emphakathini. Lokhu kumise kambi umphakathi ngenyanga kaDisemba, nokho kuneminyaka kuqhubeka,” kusho uManatha.

"Kushaqwe izibhamu zokuzakhela, izimbazo eziyisishiyagalombili kanye nezizenze.”

UManatha uthi abasolwa ngabakwaMrhawuzeli naseMthonjeni, laba kuthiwa babanga umhlaba, kanti impi yabo yaholela ekutheni kushone ibhungu elineminyaka engu-28 ubudala.



 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 15-29°C Rain showers. High level clouds. Warm.
Jhb: 12-26°C Heavy rain late. More clouds than sun. Warm. Bloem: 11-31°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-25°C Mostly sunny. Mild. PE: 16-22°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...