Abangu 17 abakhulelwe esikoleni esisodwa

2012-11-22 14:02

Mahikeng - Isikole samabanga aphakeme iBarolong High School, eMahikeng, sesicele abazali bezingane ezingu-17 ezikhulelwe ukuthi bahlale bemi ngomumo belindele ukubizwa esikoleni uma kwenzeka abantwana babo besikwa, kusho izindaba zeSowetan ngoLwesine.

Okhulumela uMnyango wezeMfundo eNorth West uBayanda Zenzile utshele iphephandaba wathi abafundi abakhulelwe baseminyakeni ephakathi kuka-14 no-18 ubudala.

Kufika abezindaba, abanye abazali bebelinde ngaphandle kwesikole belindele ukusiza uma kwenzeka abantwana babo besikwa, uZenzile uthi bonke abazali bavumile ukuba wusizo uma kwenzeka bedingeka esikoleni.

Noma kunjalo abanye babazali bazwakalise ukungenami njengoba bekhale ngokuthi abanalo ulwazi olwanele lokuthi usizwa kanjani umuntu obelethayo, abanye bathi bazophuthelwa wumsebenzi.

Omunye wothisha utshele iphephandaba ukuthi ukhona umfundi owabelethela esikoleni, uthisha uthi ukukhulelwa kwabafudni kufaka ingcindezi njengoba abanye abafundi kwenzeka bazele, bezeliswa wumfundi ozothwele.





 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Numerous showers. Afternoon clouds. Cool. Pta: 6-23°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 3-19°C Sunny. Refreshingly cool. Bloem: 7-20°C Sunny. Refreshingly cool.
Dbn: 17-29°C Sunny. Pleasantly warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...