Abanamakhaya abasolwa kwelezingane zaseLimpopo

2012-11-16 10:02

Johannesburg - Kukholakala ukuthi zingondingasithebeni, zihlala emgwaqeni izingane ezinhlanu kweziyisithupha ezibhekene necala lokubulala izingane ezintathu zaseLimpopo, kusho amaphoyisa.

"Omunye wezingane eziboshiwe ungumfundi kanti abanye abahlanu bahlala emgwaqeni, amaphoyisa asaphenya kabanzi ngalokho," kusho okhulumela amaphoyisa uBrigadier Hangwane Mulaudzi.

Izingane ezineminyaka ephakathi kwengu-12 no-14 ubudala ziboshwe ngoLwesine, mayelana necala lokubulala elenzeka ngenyanga ka-Agasti.

UMulaudzi uthi laba bazobhekana namacala amathathu okubulala kanye nelokudlwengula.

Izidumbu zezelamani uHosea Rechard, 10, no Bafana Kekana, 9, kanye nesomzala wabo uJohanna Kekana, 12, zatholakala zikhandwe ngamatshe zimbozwe ngengubo yokulala, uJohanna wadlwengulwa ngaphambi kokuthi abulawe.

Izingane zagcina ukubonakala ziphila ngesikhathi kuqhubeka imashi yothisha basesikoleni samabanga aphansi iDikobo, mhlaka-15 Agasti.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Kuvaliwe ukuphawula kulolu daba.
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-14°C Light rain late. Mostly cloudy. Cool. Pta: 3-15°C Sunny. Refreshingly cool.
Jhb: 1-11°C Sunny. Cool. Bloem: -4-10°C Afternoon clouds. Cool.
Dbn: 11-20°C a few showers. More sun than clouds. Cool. PE: 7-19°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...