Abamelene noZuma badukisa abanye - ANC

2012-12-28 14:34

Johannesburg - Labo abamelene noMengameli Jacob Zuma baluthele izwe ekutheni lihlanekezele inkulumo kamengameli uma ethi ukunakekela izilwane ngaphezu kwabantu kuyinto eyenziwa "ngabamhlophe", kusho uSotswebhu we-ANC ngoLwesihlanu.

"Yilabo abanenzondo kuphela abafuna sikholelwe ekutheni uZuma angathatha isikhathi sakhe samaholidi ayosimosha ngokukhuluma ngezinja," kusho uMoloto Mothapo esitatimendeni.

UMothapo uthe la bantu abamelene noZuma bahlanganisa abezindaba nabahlaziyi bezepolitiki.

Iphephandaba iThe Star ngoLwesine libike ukuthi uZuma ugxeke labo abamosha imali yabo benakekela izinja, baze baziyise kodokotela, wathi lokho kuyinto eyenziwa "ngabamhlophe".

IHhovisi likaMengameli libe selikhipha isitatimende lathi uZuma ubezama ukukhipha ingcindezelo emiqondweni yabantu base-Afrika ngokuphawula kwakhe.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
5 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-25°C Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 5-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 12-24°C Morning clouds. Mild. PE: 8-20°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...