Abalimi bazama ukulaya uhulumeni - Cosatu

2013-02-08 16:31

Johannesburg - Ukudilizwa kwabasebenzi basemapulazini kuyizindlela zokulaya uhulumeni, kusho umfelandawonye wezinyunyana zabasebenzi iCongress of SA Trade Unions.

Lokhu kushiwo ngunobhala weCosatu eWestern Cape uTony Ehrenreich.

Balinganisela ku-2000 abasebenzi basemapulazini abanikezwe izaziso zokuthi bangase baphelelwe ngumsebenzi, kusho umbiko weBusiness Day, ngoLwesine.

Ngokusho kwenyunyana yabasebenzi i-TAU SA, abanikazi bamapulazi abanawo amandla okukhokha isamba esibuyekeziwe esingu-R105, esaphasiswa nguNgqongqoshe wezabaSebenzi uMildred Oliphant.

U-Ehrenreich uthe abalimi kumele bayeke umbono lona ohlongozwayo.

"Abalimi abangeke bakwazi ukuholela abasebenzi babo imali ephasisiwe, kumele bacele usizo njengoba umthetho ubavumela. Akukho mlimi okhona njengamanje osebhale incwadi ecela usizo."

Abalimi basemapulazini aseWestern Cape, bangena esitelekeni samaholo ngonyaka owedlule, bathi bafuna kwenyuswe umholo wabo usuke ku-R69 uye ku-R150 ngosuku.




 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).



NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Umbiko oshaqisayo ngekhaya labadala

Emizuzwini eyi-28 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-26°C Sunny. Warm. Pta: 16-27°C Showers early. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 11-21°C a few showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 13-28°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-19°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...