AbakwaMpisane bacela ukubuyiselwa izimoto

2013-02-11 10:02

Durban - Lowo owayeyiphoyisa likaMasipala weTheku uSibusiso Mpisane nonkosikazi wakhe, uShauwn, bafake isicelo esiphuthumayo sokuthi babuyiselwe izimoto zabo zohlobo oluphambili eziyisihiyagalolunye ezashaqwa ngesonto eledlule.

Isicelo lesi sifakwe eNkantolo eNkulu yaseMgungundlovu ngemuva kokuthi izimoto zabo zishaqwe yi-Asset Forfeiture Unit (AFU).

Lezi zithandani zikhala ngokuthi azenelisekile ngendawo lapho izimoto zabo zigcinwe khona.

UShauwn Mpisane uthe kula maphepha asenkantolo kuzomele akhokhele ukuthi lezi zimoto zidilivwe wathi kuzomudla kakhulu ephaketheni.

Ngeledlule, i-AFU yanikezwa umyalelo wokuba ishaqe izimpahla zenani lika-R140 million, okubalwa izimoto nemizi.

UShauwn kumanje uhamba icala eNkantolo yesiFunda eThekwini ngezinsolo zokuthi wakhwabanisa amaphepha ngoba ebalekela ukukhokha intela.

Uyawaphika amacala.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-22°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 8-20°C Sunny. Mild. Bloem: 7-22°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-19°C Showers late. Afternoon clouds. Cool. PE: 12-18°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...