Abakholelwa emthini abavukuzi - Umbhishobhi

2012-11-14 16:25

Johannesburg - Azinasisekelo izinkulumo ezithi ababhikishi abangabavukuzi basebenzisa umuthi ngoba bekholwa wukuthi uzobasiza bangabonakali uma bedutshulwa ngamaphoyisa, kusho umbhishobhi uJohannes Seoka, webandla i-Anglican bishop of Pretoria, ngesikhathi ethula ubufakazi ngaphambi kweKhomishana kaFarlam.

"Kungumbhedo ukuthi kungathiwa abavukuzi basebenzisa umuthi ngoba bezama ukugqihela inhlamvu. Lokho kungukwenza abantu abamnyama iziphukuphuku," esho.

USeoka utshele ikhomishana wathi useke wasebenza emaphandleni la khona abantu babesebenzisa umuthi, uthe wabe esebenza nabadlali bebhola nabo ababesebenzisa umuthi.

Uthe phezu kokuthi abadlali babesebenzisa umuthi, babazi kahle kamhlophe ukuthi angeke ulivikele eqembu ekutheni lishaywe, uthe abavukuzi abaningi baya esikoleni futhi bayazi ukuthi umuthi wawungeke uvimbe inhlamvu.

USeoka uthe ukufa kwabantu kwakungagwemeka ukube abaphathi benkampani babezimisele ukulalela abasebenzi.

"Ngokwami ukube abaphathi baseLonmin behlisa umoya balalela izimvo zabasebenzi, isibhicongo esenzeka sasiyogwemeka."

Iyaqhubeka ikhomishana.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Kushone umuntu engozini eKZN

Emizuzwini eyi-12 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C More sun than clouds. Cool. Pta: 18-28°C Passing showers. More clouds than sun. Warm.
Jhb: 16-22°C Passing showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 20-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-31°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-24°C Partly cloudy. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...