Abake bangincenge nje nami - Malema

2012-12-28 11:11

Johannesburg - Lowo owayengumengameli we-ANC Youth League uJulius Malema uthi sekuyisikhathi manje sokuthi osopolitiki bamhehele emaqenjini abo isikhathi sisekhona, kubika iphephandaba iThe Star ngoLwesihlanu.

"Ngifuna ukuzizwela nje nami ukuthi kunjani ukukhankaswa, lapho osopolitiki bengqongqoza emnyango wami bencenga ukusebenzisana nami," kusho uMalema.

Uthe useshiyile ku-ANC ngemuva kokuzama yonke imigudu yangaphakathi yokubuyela kuyo.

"Sengifana nawo wonke umuntu wakuleli, ngakho yisikhathi sokuthi osopolitiki bangizingele bangigabisele ngabakwaziyo ukukwenza ukuze ngikhethe lapho ngofaka khona uphawu lwami ngo-2014."

UMalema uthe "ujabule ngoba manje akasalokhu enunusela abantu ngezinto abangazidingi".

Uthi impilo namabhizinisi akhe aqhuba kahle kakhulu.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
2 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-21°C Morning clouds. Mild. Pta: 15-30°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 13-25°C Morning clouds. Mild. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-21°C Rain showers. Morning clouds. Cool. PE: 15-21°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...