Abajeze kanzima abashayela bedle amponjwana - IFP

2013-01-04 09:00

Johannesburg - Iqembu iNkatha Freedom party lithi kumele baphucwe izincwadi zokushayela laba ababanjwa beshayela bedle amanzi amponjwana.

"Kuyethusa ukuthi kungathiwa sekushone abantu abangaphezu kuka-1 279 emgaqweni yaseNingizimu Afrika, kungakapheli ngisho isikhathi samaholidi, kusho umkhulumeli weqembu uVelaphi Ndlovu.

Izibalo lezi zidedelwe ngabakwaRoad Traffic Management Corporation, ngoLwesine.

UNdlovu uthi kumele abashayeli ababanjwa beshayela bephuzile, baphucwe izincwadi zingaphinde zivuselelwe, uthi akumele bavunyelwe ukuthi baphinde bashayele imoto.

UMnyango wezokuThutha wabika ngoLwesithathu wathi sekuboshwe abashayeli abangaphezu kuka-2 100, ababanjwa beshayela bephuzile, kusukela mhla ka-1 Disemba.

"Iqembu lifuna amaphoyisa omgwaqo ayeke ukucasha emahlathini ngoba ehlose ukubamba abantu abashayela ngesivinini esiphezulu...umphakathi ungasizakala kangcono uma amaphoyisa engacashi, kwazeke nje ukuthi akhona,” kusho uNdlovu.



 

 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela Izindaba News24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX

Usana lugwilizwe emchameni lashona

Emizuzwini eyi-44 edlule
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-23°C More sun than clouds. Mild. Pta: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 14-25°C Sunny. Warm. Bloem: 12-24°C Sunny. Mild.
Dbn: 18-23°C Rain showers. Breaks of sun late. Mild. PE: 15-22°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...