Amabandla ayakhala ngokuqhubeka eKZN

2011-07-18 07:18
Yabelani Shicilela

Durban - IKwaZulu-Natal Christian Council izwakalise ukukhathazeka mayenala nezenzo zakamuva zokubulala kulesiya sifundazwe, yacela umphakathi ukuthi usebenzisane namaphoyisa ekutheni kuboshwe abenzi bokubi.

Lokhu kubulala kubeka intando yeningi engozini njengoba abanye babaholi ababulewe bebengumlomo walabo abantulayo, kusho uDkt Lucas Ngoetjana ngesikhathi ehambele inkonzo yomngcwabo kalowo obenguNobhala wesifunda saseThekwini ku-ANC, uSbu Sibiya.

USibiya, 40, ubekwe ekhaya lakhe lokugcina ngoMgqibelo.

Wadutshulwa wabulawa ekhaya lakhe eNanda, enyakatho neTheku ngoMsombuluko ebusuku.

Ukubulawa kwakhe kuvuse izinsolo zokuthi kuhambisana nezombusazwe.

Ngesonto eledlule uNgqongqoshe wamaPhoyisa uNathi Mthethwa nowezokuPhepha koMphakathi eKZN uWillies Mchunu bathembise ngokuthi amaphoyisa azosebenza ngokungakhathali ukuze kuboshwe labo abathintekayo kulesi sigameko.

Landela IzindabaNews24 kuTwitter.

- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 13-20°C Sunny. Mild. Pta: 10-23°C Sunny. Mild.
Jhb: 8-17°C Sunny. Mild. Bloem: 7-16°C Sunny. Cool.
Dbn: 17-24°C Rain late. Morning clouds. Mild. PE: 12-19°C Heavy rain. Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...