Abaholelwe othisha baseLimpopo - SADTU
2012-11-14 14:01
Johannesburg - Othisha baseLimpopo abakade befundisa ohlelweni lokusiza abafundi baka-Grade 10, olubizwa ngeCatch-Up Programme ngenyanga kaSeptemba, namanje abakaholelwa.
Lokhu kuvezwe yinyunyana yothisha iSA Democratic
Teachers' Union, ngoLwesithathu.
"Kuyaphoxa ukuthi ngemuva kwemizamo eminingi kangaka yokuthi othisha bazibandakanye, abasaholelwa...sinika uMnyango kuze kube ngumhlaka-15 Novemba, ukuthi unike othisha izimali zabo," kusho uNobhala weSadtu esifundazweni uMatome
Raphasha.
URaphasha uthi inyunyana izothatha izinyathelo uma kuwukuthi uMnyango uyahluleka ukukhokhela othisha, uthi akukhathaleki ukuthi lesi yisikhathi sokubhalwa kokuhlolwa kwabafundi.
"Sibamba imihlangano ukuzama ukuxazulula le nkinga, asikanqumi ukuthi kuzokwenzekani uma uMnyango ungakhokhi, mhlampe singase siwuyise enkantolo," echaza.
Uhlelo lokwelekelelwa kwabafundi lwasungulwa ngemuva kokuvela kokuthi kukhona abasalele emuva ngenxa yokungahanjiswa kwezincwadi kusanesikhathi.
Okhulumela uMnyango esifundazweni uPat Kgomo
uthe uMnyango usahlanganisa ukuthi yibaphi othisha ababa yingxenye yalolu hlelo.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).
- SAPA