Abafuni ibe semthethweni insangu - Ucwaningo
2013-02-20 16:25
Johannesburg - Abantu abathathu kwabahlanu baseNingizimu Afrika abayingeni eyokuthi umthunzi wezinkukhu wenziwe ube semthethweni, kusho ucwaningo olwenziwe ngabakwaPondering Panda ngoLwesithathu.
Umkhulumeli wenkampani uWendy Wakefield uthi ucwaningo olwenziwe phakathi kwabantu abangu-5024, abaseminyakeni esukela ku-13 iya ku34, luveze ukuthi bangu-38% kuphela abahambisana nokuthi insangu ibe semthethweni.
"Abesilisa yibona abathi ayibe semthethweni, hhayi abesifazane," kusho uWakefiled.
Baku-445% abesilisa abathi ayibe semthethweni insangu, babe ngu-32% abesifazane abahambisana nalokhu.
UWakefield uthi kumele lubhekisiswe udaba lokuphasiswa kwensangu ibe semthethweni, ikakhulu njengoba izwe libhekene nengwadla yokusetshenziswa budedengu kwezidakamizwa.
Ucwaningo lwenziwa phakathi kukaJanuwari noFebhuwari, abantu babebuzwa kusetshenziswa omakhalekhukhwini.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela Izindaba News24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).