Abafundi bawela umfula uma beya esikoleni
2013-01-17 10:01
Durban - Abafundi baseKhamanzi CP School ngaseGreytown, KwaZulu-Natal, kudingeka ukuthi bawele umfula njalo uma beya esikoleni, ngokusho kombiko weThe Witness ngoLwesine.
Lo mfula awunalo ibhuloho ngakho-ke izingane kumele zikhumule izicathulo, kwesinye isikhathi nemifaniswano ukuze zikwazi ukuwela kahle.
Umfundi kaGrade 4 uSphesihle Mdunge uthi abafundi sebeyijwayele le mpilo.
"Zonke izinsuku uma siya esikoleni kumele siqale sikhumule izingubo ukuze siwele kahle. Kwesinye isikhathi izimpahla zethu zimuka nomfula, noma kumuke thina uqobo," kusaqhuba uMdunge.
Babalelwa ku-200 kwabangu-500 abafundi abawela lo mfula mihla namalanga.
Abafundi babuyele esikoleni bathola ukuthi kuningi okonakele njengoba kwakunesiphepho ngamaholidi.
UNgqongqoshe wezeMfundo eKZN uSenzo Mchunu uthe ziningi izikole ezibhekene nale nkinga esifundazweni.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA