Abafundi bashaye abaphangi eLimpopo
2012-05-03 14:07
Polokwane - Abafundi
bashaye abaphangi eNyuvesi yaseLimpopo esikhungweni saseMankweng, empumalanga
nePolokwane, ngoLwesine, kusho amaphoyisa.
La
besilisa abayisishiyagalombili babambe umfundi inkunzi ngo-01:00 ekuseni, kusho
uConstable Moses Molepo.
"La
basolwa babanjwe ngabafundi babashaya kanzima,” esho.
Cishe
babalelwa ekhulwini abafundi abebeshaya ngezinduku, ngamatshe nangezinye
izikhali.
Omunye
wabaphangi ubalekile kodwa wabuye wabanjwa ngamaphoyisa waboshwa ngaphandle
kwesikhungo.
Abanye
abahlanu balimale kanzima.
UMolepo
uthe abafundi bashaye ngamatshe i-ambulensi ebizolanda izigebengu, kodwa ababalimazanga
abosizo lokuqala.
Babulale
newindi lesikhungo.
Abaphangi
abalimele bagadwe amaphoyisa esibhedlela.
Kuvulwe
icala lokucekela phansi impahla, kodwa akukaboshwa muntu kanti amaphoyisa
ayaphenya.
"Amaphoyisa
acela bonke abantu ukuba bangazibambeli umthetho ngezandla,” kusho uMolepo.
- “Like”
ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho
- Landela
IzindabaNews24 kuTwitter
- SAPA