Abafunde mahhala abahlwempu - Nzimande

2012-06-28 16:34

Johannesburg - Imfundo yamahhala kubantu abampofu kumele iqale ibonakale maduze kungagcini ngokuthi ikhonjwe le kude, kusho uNgqongqoshe wezeMfundo emazingeni aphakeme uBlade Nzimande.

Kuningi vele osekwenziwe ukuzama ukusiza abafundi abahlwempu, esho ephendula abe nhlangano yabafundi i-SA Students' Congress (Sasco), ebibuza ngemfundo yamahhala.

"Ukubolekisa ngemali kanjalo nama-bursary ngezinye zezinto ezenzelwe ukusiza abafundi."

Imali efakwe esikhwameni sokusiza abafundi inyuswe isuka ku-R2.3 billion ngo-2008 yafinyelela ku-R6 billion ngonyaka owedlule, kukhona nenye engu-R63 million ebekelwe ukusiza abafundi abakhubazekile.

"Sikuqonda kahle okufunwa yiSasco, nathi yikona kanye esikufunayo okungukuthi kuthuthukiswe izindlela zokufunda emazingeni aphakeme," kusho uNzimande.


 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).


NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 16-22°C Mostly sunny. Cool. Pta: 16-32°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 13-27°C More sun than clouds. Warm. Bloem: 16-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-28°C More sun than clouds. Warm. PE: 16-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...