Abaduni bemikhumbi bafuna u-R33m
2011-09-26 14:04
Johannesburg - Abaduni bemikhumbi baseSomalia abathumba izithandani zaseNingizimu Afrika ngonyaka odlule sebefune imali engango-R33m emndenini wabo ukuze badedelwe, kubike iphephandaba ngoMsombuluko.
UBruno Pelizzari noDeborah Calitz abahlala eThekwini babezihambela ngesikebhe eTanzania ngesikhathi bethunjwa ngo-Okthoba 26 ngonyaka odlule.
"Ngiyazi niyazama. Uma bengayitholi imali bazosibulala," kusho uPelizzari etshela abakubo ngoSepthemba 5.
Kwakungokokuqala bexhumana kanti uthe kusukela lapho sebafonelwa ngu-Ali nongomunye wabathumbi kanye ngesonto.
"Ngamchazela ukuthi asizona izigwili. Ngakho kuzothatha isikhathi ukuthola imali. Sesize saphoqeleka ukuba sicele uxhaso," kusho uDeborah Calitz etshela abephephandaba iSowetan ngeSonto.
– "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).
- SAPA