Abaduni bantshinge ingane emgwaqeni

2013-02-07 14:05

Durban – Abaduni bemoto balaxaze ingane ebisesihlalweni sayo esifakwa emotweni maphakathi nogwaqo, bashaya bachitha nemoto kamama wengane.

Ngenhlanhla kukhona osibonile isihlalo sengane sisemgwaqeni wathola ingane ingenamyocu, kubike iThe Mercury.

Umama ubemise imoto yakhe yohlobo lweBMW ngaphandle kwenxanxathela yezitolo eThekwini kanti kuthe lapho esezothatha ingane yakhe esihlalweni esingemuva kwaqhamuka  abaduni bathatha imoto babaleka nayo, ingane iphakathi.

Umshayeli u-Erik Bredberg uxoxe ngokwenzekile ngesikhathi ethwele abasebenzi ebona isihlalo semoto esihlala ingane siphakathi nomgwaqo.

“Siqale sacabanga ukuthi kungenzeka ukuba yisihlalo esidala esilahlwe ngumuntu kodwa sibesesibona ukuthi sibukeka sisisha ukuthi singalahlwa. Ngesikhathi sifika eduze kwaso, bekunengane phakathi ilele,” kusho uBredberg.

Ingane ibibonakala sengathi ingaphansi konyaka ubudala, iyiswe esiteshini samaphoyisa esiseMayville okuyilapho amaphoyisa ebevele esezwile ngesehlakalo sokudunwa kwemoto kunengane phakathi, basebethinta umndeni.

“Umndeni ufikile uzolanda ingane yawo, wonke umuntu ubejabule.” 

Imoto itholakale ngokuhamba kwesikhathi ishiywe eCato Manor.


 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-26°C Sunny. Warm. Pta: 17-27°C Passing showers. Morning clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Rain showers. Mostly cloudy. Mild. Bloem: 14-27°C Showers late. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 17-18°C Rain showers. More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...