Abadlwenguli kumele babolele ejele

2012-07-19 14:07
Yabelani Shicilela

Johannesburg - Amadoda amabili adlwengula abasebenzi bezimo eziphuthumayo kumele bahlukaniswe nemindeni yabo bavalelwe okhiye balahlwe, kusho iNkantolo eNkulu yaseGoli ngoLwesine.

"Ukubanikeza isigwebo esincane kuyobe kungukugcona uhlelo lwezobulungiswa," kusho umshushisi uPhumeza Fhutshane ngesikhathi kuqhubeka uhlelo lokwethulwa kwezigwebo.

UFhutshane uthe la madoda kumele agixabezwe ngeminyaka engu-70 ebhadla ejele umuntu ngamunye.

URichard Tshifhiwa Luruli, 29, noMichael Khorombi, 30, badlwengula abosizo oluphuthumayo ngesikhathi bephuthuma emzini othile emuva kokuthola ukuthi kushe usana eDurban Deep, eRoodepoort, ngoMashi 2010.

Abasolwa batholakale benecala lokusebenzisa isihluku, ukuphatha isibhamu esingekho emthethweni, ukudlwengula nokuphoqa umuntu ukuba adlwengule.

Kusalindelwe isigwebo.

 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter

- SAPA

Phawula kulolu daba
0 izimpawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-23°C Sunny. Mild. Pta: 10-19°C Morning clouds. Mild.
Jhb: 7-15°C Morning clouds. Cool. Bloem: 9-19°C More sun than clouds. Mild.
Dbn: 14-23°C Sunny. Mild. PE: 12-24°C High level clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...