Ababoshwe abadayisa umhlaba - ANC
2012-11-20 16:29
Johannesburg - Kunezinyathelo ezinqala ekumele zithathelwe izikhulu zikahulumeni ezadayisa umhlaba ngokungemthetho zidayisela abantu baseLenasia, kusho i-African National Congress eGauteng.
"Ezehlakalweni eziningi kukhonjwa ngenjumbane izikhulu zikahulumeni, sifuna laba bathathelwe izinyathelo ezinqala," kusho uNobhala weqembu esifundazweni uDavid Makhura, etshela abezindaba eGoli.
"I-ANC icela bonke omasipala kanjalo nemiNyango kahulumeni ukuthi iqinise isitolobho kuze kuzoliwa nokuthengiswa komhlaba ngokungekho emthethweni."
UMakhura ukhale ngokudicilelwa phansi kwezindlu zabantu baseLenasia, uthe iqembu liyakuqonda ukuthi abanye babahlali babengazi ngempela ukuthi umhlaba uthengiswa ngokungekho emthethweni.
"Uma kuwukuthi namanje bayaqhubeka nokwakha, lokho kungukwephula umthetho. Abahlali kumele baphumele obala bampimpe izikhohlakali ezibathengisele umhlaba. Umthetho kumele wenze okulindeleke kuwo."
Zingu-50 izndlu esezidiliziwe kusukela kuqale uhlelo oluthi ingu-113, imizi ezobhidlizwa njengoba yakhiwe emhlabeni ongavumelekile.
– "Like" ikhasi lethu
ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.
– Landela IzindabaNews24 kuTwitter
(@IzindabaNews24).