Ababoshiwe bebehlela ukusoconga uZuma

2012-12-18 14:31
Yabelani Shicilela

Bloemfontein - Amalungu eqembu lontamo lukhuni abehlela ukubulala uMengameli Jacob Zuma, iPhini lakhe, oNgqongqoshe beKhabhinethi kanye nabaholi abaphezulu be-ANC, kutshelwe iNkantolo yeMantshi eBloemfontein ngoLwesibili.

Abaholi abane beqembu lontamo lukhulni bavele enkantolo ngamacala okuzama ukuketula uMbuso nobushokobezi ngoLwesibili.

Icala lisusiwe enkantolo-19 laya e-21 ukuze kungaphazameseki ukusebenza okwejwayelekile.

Umshushisi woMbuso uShaun Abrahams usola ukuthi laba abane -- uMark Trollip, uJohan Prinsloo, uMartin Keevy noHein Boonzaaier – bebeyingxenye yeqembu ebelihlela ukuhlasela eMangaung, ukuze babulale abaholi bezwe.

UMbuso usola ukuthi laba kanye nabanye baqala ukuhlela lokhu ngasekuqaleni konyaka, basungula iqembu lontamo lukhuni, iBoere Party.

UMbuso uphinde wethula ngaphambi kweMantshi uMonde Matshaya ukuthi leli qembu belihlele ukuhlasela inkomfa ye-ANC eMangaung.

UMbuso uphinde waveza ukuthi unobufakazi bokuthi abasolwa bese benze ucwaningo lwabo lokuqhuba lo msebenzi, njengoba kunezithombe zendawo ebizosetshenziswa abaholi abaphezulu beqembu nabahulumeni ngesikhathi kuqhubeka inkomfa.



 - “Like” ikhasi lethu kuFacebook ukuze uthole izindaba ngolimi lwakho

 - Landela IzindabaNews24 kuTwitter


- SAPA

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Phawula kulolu daba
1 isiphawulo
Faka ukuphawula kwakho
Phawula 0 izinhlamvu esezisele
Ezifundwe ukuzedlula zonke
Ezi-emailwe ukuzedlula zonke
Ezithasiselwe ukuzedlula zonke
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 17-24°C Sunny. Mild. Pta: 12-26°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 10-21°C Sunny. Mild. Bloem: 11-25°C Mostly sunny. Mild.
Dbn: 17-28°C Sunny. Warm. PE: 16-23°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...