Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

2016-07-07 17:31

Pretoria- Kushone ungqongqoshe waseNorth West engozini yemoto eyenzeka ngaphandle kwaseVryburg, kuqinisekisa uhulumeni wesifundazwe.

“Kushone ungqongqoshe engozini yemoto eyenzeke ngaphandle kwaseVryburg. Ngeke sikwazi ukukhipha igama lakhe okwamanje,” kusho okhulumela uhulumeni uBrian Setswambung etshela iNews24.

“Kunethimba lezikhulu elisendleleni ukuyokwazisa umndeni. Uma sebewazisile sizobe sesiyalikhipha-ke igama likangqongqoshe.”

OLUNYE UDABA: Kushone ungqongqoshe engozini yemoto

Imininingwane ekhona iveza ukuthi le ngozi yenzeke ku-N18, kanti imoto ibibheke ngaseVryburg isuka eMahikeng ngesikhathi ishayisa obehamba ngebhayisikili washona, yase iyagingqika.

Kuthiwa imoto ibe isiphalaza lo ngqongqoshe, washona ujuqu.

Onogada ababili abehamba nabo baphuthunyiswe esibhedlela.

- News 24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 14-22°C Morning clouds. Mild. Pta: 13-31°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 11-26°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 16-27°C Sunny. Warm. PE: 14-23°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...