Kuboshwe abokufika abane kanye nodokotela wakuleli

2017-08-19 15:00

eKurhuleni - Kuboshwe abane abokufika kanye nodokotela wakulela ngemuva kokuthi amaphoyisa aphume umkhankaso wokuqeda inkohlakalo eKurhuleni, kubika iThe Citizen.

Amaphoyisa agasele endaweni kadokotela okukholakala ukuthi ikhipha izincwadi ezingekho emthethweni kubashayeli abafuna ukwenza amaphemithi (PrDP) okushayela.

Okhulumela i-Road Traffic Management Corporation uSimon Zwane uthe basizwe ngabe-Health Professions Council of South Africa, i-Medicines Control Council, iMedscheme kanye namaphoyisa ophiko loKlebe kulo mkhankaso.

OLUNYE UDABA:Kuboshwe udokotela wezingane ngezinsolo zokunukubeza ngokocansi

Uthi basebenzise inombolo yalo dokotela yokusebenza ukuze baphenye ngenkohlakalo eyenza kuleli bhizinisi.

"Abasolwa bazovela enkantolo kaMantshi yaseKempton Park ngamacala okuzenza odokotela kanye nokuqhuba ibhizinisi ngokungemthetho.

"Okwamanje uphenyo lubonisa ukuthi abasolwa benze imali engu-R8000 ngokukhipha izitifiketi ezingekho emthethweni kulabo abafuna izincwadi zokushayela," kusho uZwane.


- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C More clouds than sun. Cool. PE: 15-19°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...