ZULU: Ngizoyihaya le Nkondlo Ngolwasekhaya olakwaZulu isiZulu,

2016-09-24 11:31

Ngizoyihaya le nkondlo kwamhlaba

Ngizoyihumusha ngolukaMageba ulimu

Ngolwasekhaya olakwaZulu isiZulu,

Ngizozamazamisa umhlaba ngalenkondlo

Maqed' ilanga liphume eNtshonlanga

Maqed' ilanga lishone eMpumalanga.

Ngalenkondlo azozamazama amagumbi omhlaba, Ngizowaqeda amagumbamane omhlaba.

 

Ngizoyidedela lenkondlo kaMageba

Kuzoqhekezeka umhlaba uqobo

Sibone emathunjini omhlaba

Sibone asebalala kwawomhlaba

Le nkondlo izovusa asebalala kobandayo

Bavuke bagide bacule

Ngobe sengiyihaya nabaphansi

Ngiyihaye ngize ngikhase phansi,

 

Ngizogadla kuzwakale naphezulu

Kuzamazame umhlaba nezulu

Ziyithokozele izinyanda zezulu

Le nkondlo izophenduka indumezulu

Ngibheke phezulu kophezulu njengomzulu

Ngingenalwazi olunzulu, ngizishaya isifuba Ngizishaya isifuba ngokuba umzulu Ngalenkondlo ngizoyihaya ze izamazamise nezulu.

 

Ngizowanqamula amazwe omhlaba

Ngigudle amawa, nemihosha,

Ngigudle amathafa, nemifula,

Ngindizele phezulu kwelenyoni ngilibhekise kwelengabade Ngiyoyihaya kwelondlebe zikhanya ilanga Kuphume ilanga phakathi namabili, Kuphenduke ubusuku bufane nemini Ngalenkondlo ngizozamazamisa uhlaba.

 

Ngizoyihaya lenkondlo nginqamule ndidabule Ngidabule amafu ngilibhekise phezulu Ngibheke kwelikamoya ongcwele Ngingqongqoze ngayo emasangweni ezulu Ziyithakasele nezingelosi zezulu.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-22°C High level clouds. Mild. Pta: 14-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 12-25°C Sunny. Pleasantly warm. Bloem: 8-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 17-21°C Partly cloudy. Cool. PE: 15-19°C Decreasing cloudiness. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...