UMBONO:'Akanikezwe ithuba umqeqeshi omusha wePirates'

2017-02-20 18:06

Durban - USihlalo we-Orlando Pirates uDkt Irvin Khoza umemezele umqeqeshi omusha walezi zinkunzi zaseSoweto, uKjell Jonevret, odabuka eSweden.

Kuthe kungaphuma igama lalo mqeqeshi, abantu bathutheleka ezinkundleni zokuxhumana bebuzana ukuthi ungubani uJonevret, bekhala nangokuthi abamazi lo mqeqeshi kanjalo namava akhe.

Sibe sesibuza abafundi bethu ukuthi ngabe lo kube ngumnyakazo omuhle?

Nazi izimpendulo zabo:

Swedish Joy Yinhle into eyenziwe uKhoza yokuthi athole umqeqeshi ongaziwa ozofika nesakhe istayela. Isizowina-ke manje iBhakajuju. Vele sasiwina ngokuqasha abalolongi basemazweni angaphandle.

Mandlenkosi Myeza Nikani umqeqeshi ithuba bese nimhlulela ngezenzo zakhe. Ubalandile o-VV no-Ertugral enibazayo nakhala futhi ngiyasola manje sengathi yini enifuna ukuba ngabaqeqeshi.

Thembi Thembi Wenze kahle uKhoza vele umuntu ufika engawazi umsebenzi awufunde. Asethembe lo mqeqeshi uzositakula kulolu daka esibhajwe kulo. Bopha Bhakabhaka!

Mandla T P Gambushe Yazi angeke ube yisilima njengomlandeli! Niyagxeka kodwa animazi nalo muntu, nifunana no(Ruud) Krol naye enaningamazi nambona ngaye loKhoza. Naye-ke uJonevret animazi, i-CV yakhe nayo futhi aniyazi kodwa niyagxeka.

Thulani nibuke uzokwenzani lo mqeqeshi ngoba uKhoza wathi ufuna umqeqeshi ongenalo ulimu olubukhuni futhi uzokwazi ukuxhumana kahle nabadlali.

Themba Mpanza Kuzosiza ngani ukumazi? Bonke abaqeqeshi bafika singabazi bese bayazibonakalisa ngolwazi abanalo. Abamnike ithuba naye enze umsebenzi wakhe, ngimfisela inhlanhla.

Nhlanhla Mondli Mhlongo Ugcina icala nje uKhoza la, yini owake wayizwa ngalo mqeqeshi? Ubulala ibhola nje uKhoza. Bebangaka abaqeqeshi lapha ezweni lakithi!

Funda ezinye izimpendulo kuFacecook.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-14°C Mostly sunny. Cool. Pta: 15-28°C Showers early. More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 12-22°C Showers early. More sun than clouds. Mild. Bloem: 5-18°C Sunny. Mild.
Dbn: 14-18°C Scattered showers. More clouds than sun. Cool. PE: 12-18°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...