UMBONO: ‘UZuma yena nimbeka nini amacala?’

2017-07-27 11:05

Durban – Ihlukene phakathi imibono yabantu bakuleli kulandela ukuvela kwezindaba zokuthi i-ANC KwaZulu-Natal isimbeke ngokusemthethweni amacala lowo oyiLungu lePhalamende layo, uMakhosi Khoza.

UKhoza ubekwe amacala amabili okungaziphathi kahle nalapho esolwa ngokuphula imithetho engu-11, nokubalwa kukho ukufaka iqembu ehlazweni, ukuhluleka ukuhambisana nomgomo weqembu kanye nokuziphatha ngendlela edala ukuhlukana phakathi noma eba nomthelela ongemuhle obumbanweni lweqembu.

Phakathi kwezinye zezinto ezidonsele uKhoza amanzi ngomsele ukuphawula kwakhe esidlangalaleni nalapho anxusa khona ukuthi uMengameli Jacob Zuma ehle esikhundleni.

OLUNYE UDABA: I-ANC eKZN isibeke ngokusemthethweni amacala uMakhosi Khoza

Abanye abantu bakholwa ukuthi besekuyisikhathi sokuthi i-ANC imqondise izigwegwe uKhoza ngoba usekhombisile ukuthi akazimesele nhlobo ukuhlonipha imigomo yeqembu. 

Kodwa-ke abanye babuza ukuthi njengoba sekuphuthunywa kangaka nje ekumbekeni amacala, uMengameli Jacob Zuma yena uzobekwa nini amacala?

Zifundele eminye yemibono yabafundi beZindaba24 ecashunwe kuFacebook ngezansi:

Nkumbulo Menz'wezinto Chamane - Nisuke niyithathe ngesinxele lento, uMakhosi wephule umthetho weqembu yiko loko akujezelayo qha.

Sifiso Zungu - Kumele ulandele umgudu, akusikho phela otshwaleni lapho ovele ukhulume khona.

Maxe Khothakome Wodumo - Ngiyathemba ukuthi abantu bayabona ukuthi nansi intuthuko eyayikhankaselwa ngonyaka odlule kuthiwa asivote sobona ngamehlo, uma ungahambisani noZuma unyawo lugcwala izinqa uphume ngewindi, akudlalwa la!

Khanyisani Msane Saddam - UZuma yena uqondiswa nini yena izigwegwe?

Sphelele Ntshangase - Abaqhubeke nokumvikela uZuma wabo phela akumele ukhulume iqiniso kwa ANC ngoba kuphilwa ngobugebengu. Ngiyamuzwela uDr khoza ukuthi wajoyina iqembu eli-wrong. Ngemuva kuka-2019 uZuma uzobe eseDubai, bona bozobe bengaphethe qembu.

Mbongeni Ndlovu - Yenze kahle ...kumeke ngabe kade abekwa amacala...usephenduke umholi weqembu eliphikisayo ngaphakathi kwe ANC.

Msizi Chiyi - Kungekudala khona abazophinda bakhulume amaqiniso. Boze baxoshane bonke, okungapheli kuyahlola.

Thuso Meneer Olifant - Bamxosha nini loKhoza ndini oyihlongandlebe.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...