UMBONO: Ushukumise isizwe uMseleku

2017-05-19 12:30

Durban - Abantu baseNingizimu Afrika abawuvali umlomo ngohlelo oluxoxa ngesithembu sikaMusa Mseleku, waseMzumbe, ogwini oluseningizimu neKwaZulu-Natal, obeluqala ukukhonjiswa izolo (ngolwesine) kuMzansi Magic.

Lolu hlelo olusihloko sithi uThando neSithembu, kuse namhlanje abantu besakhuluma ngalo.

Sibe sesibuza abafundi bethu ukuthi yini ababuke bayithanda noma yangabagculisa ngalolu hlelo.

Nazi izimpendulo:

Walter Phiway'nkosi Mgabhi - Cha mina ngiyithandile indlela le nsizwa ephethe kahle ngayo amakhosikazi ayo. Okunye engikufundile laphaya ukuthi kumele ubeyindoda esuthayo ukuze abafazi bezozwana futhi ubathande bonke ngokulingana.

Ndumiso Madumbe Mthiyane - Angikhathali noma ningathi nifundeni, iqiniso nje ukuthi abafazi bathanda imali kwaphela. Ukube leya ndoda ibiwulopholo njengami ngabe akekho noyedwa owavuma ukuba isithembu kulaba bafazi.  

Ntomby Mazikode Mashenge Masibalkhulu - Sihle isithembu endodeni enothile enomcebo wemali. Hhayi indoda ezokondla amakhosikazi ngamakabishi, nesishebo samazambane kanye nekopi likafishi. Ngoba awasichithi isikhathi amakhosikazi ayahamba ayoqoma la ezonethezeka khona.Okunye amakhosikazi asesithenjini awayibekezeleli indoda enoshukela ekamelweni ayaphuma aye la ezosutha khona. 

Ntomby Gumbi KaMdakane - Impatho nokunelisa umndeni wakhe ngokwempilo. Okungizwise ubuhlungu ngaze ngakhala ukuzwa ukuthi wayegeza umama wakhe ngesikhathi egula.

Sotobe Gazu KaNdlangamandla - Engingakusho nje ukuthi uyindoda emadodeni uMseleku ngiyamvuma. Yabo uthe uma esechaza ukuthi kungani izimoto zibe nama Registration athi #ThanxMa etshela amadodana akhe, ngimvumile ngathi indoda le ngoba phela kumele umuzi nomuzi wazi umsuka wento enhle uma yenzeka. Salute Mthombeni!

Thola ezinye izimpendulo ekhasini lethu likaFacebook.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 9-17°C Sunny. Mild. Pta: 10-29°C Sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 6-24°C Sunny. Mild. Bloem: 3-25°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 13-21°C Mostly sunny. Cool. PE: 10-19°C Sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...