UMbono: Ukufa kudla fumuka kudle silaza

2017-08-03 19:30

Durban -Umlingisi uSimphiwe Ngema osanda kugana uDumi Masilela ubenomyeni wakhe esibhedlela kwaze kwaba uphefumula okokugcina.

Ibhuku i-Drum lithi, ngokwemininingwane evezwe yilungu lomndeni, uSimphiwe uphuthume esibhedlela ngemuba kokuzwa ngokudutshulwa kwakhe.

UDumi ubesaphila ngesikhathi uSimphiwe efika esibhedlela futhi bakwazile ukukhuluma.

Kuthiwa uDumi ubelokhu etshela odokotela ukuthi usezinhlungwini, uSimphiwe ezama ukumkhuthaza ukuba aqine.

OLUNYE UDABA:EZINGENA MANJE: Sekushone umlingisi weRhythm City kwesokuduna

Kuthiwa akavalelisanga uSimphiwe kumyeni wakhe ngesikhathi eyohlinzwa ngoba ubenethemba lokuthi uzolulama.

Ngemuva kokuhlinzwa amahora amahlanu, odokotela baphume batshela uSimphiwe ukuthi uDumi akasekho emhlabeni.

Ngemuva kwamahora ambalwa iNingizimu Afrika izwe lezi zindaba ezibuhlungu, sekuvele ukuthi u-Anti kaDumi uvele wamelwa yinhliziyo washona ezwa izindaba zokudlula emhlabeni komshana wakhe.

IMIBONO YABAFUNDI:

Dumsani Masolution Ndimande EHammarsdale Kwaze kwabuhlungu tjooo umndeni ududuzeke uMshumayeli 3:1 uyasho ukuthi konke kunesikhathi sakho.Description: https://www.facebook.com/images/emoji.php/v9/fab/1/16/1f630.png??Description: https://www.facebook.com/images/emoji.php/v9/f93/1/16/1f627.png??Description: https://www.facebook.com/images/emoji.php/v9/f80/1/16/1f64f.png??

Lindzo Lindh Nongalo Huwa kwaze kwabuhlungu Jehova yehlisa Nkosi umoya wakho ubabophe ngebhade lakho ubathobe amanxeba.

Mhawukeli Mercy Jojisa Kwanele kungakhishwa uBheki Cele kwesika Khomishana izigebengu ziyazicanasela nje eNingizumu Afrika.

Delly Ngwenya Bapholise Nkosi amanxeba kwaze kwaba buhlungu lokwenzeka emndenini kamasilela

Nosipho Zamangwani Ngwani Yhoo yintlungu ke le bendigqiba kuyiva ekuseni indaba kaDumi, ngoku ngu-Anti wakhe yhoo kunzma.

Zakhele KamaShezi Hlongwane Noma bangaboshwa ngeke uphele iminyaka engu-20 besejele bazothola ushwele phela eMzansi kunje.

Phumlani Muthwenyongo Langa Mmmmh usizi luyezwana impela emhlabeni, kubuhlungu ukubona kuhamba abantu othembele kubo noma abawumndeni wakho kanje.

Eversmilling Coolgirl Ncamphalala Yazi ukufa kuyabizana shwele uma sekungenile ekhaya mabaphumule ngokuthula.

- News24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 12-16°C a few showers. Morning clouds. Cool. Pta: 19-28°C More sun than clouds. Pleasantly warm.
Jhb: 16-23°C a few showers. More sun than clouds. Mild. Bloem: 14-25°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 18-25°C Heavy rain. Mostly cloudy. Mild. PE: 14-19°C More sun than clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...