UMBONO: Sebesifunza ingxavungxavu ngodaba lukaZuma

2018-02-07 09:35

eThekwini - Iqiniso ngokwenzeka embuthweni we-ANC yinto engaqondakali futhi akekho owaziyo ukuthi iyozala nkomoni.

Okucace bha, wukuthi nabezindaba kabazi ukuthi kwenzakalani, kodwa bazama ngazo zonke izindlela ukuninda uJacob Zuma ngobubende inyama engayidlanga.

Zolo lokhu, bebekhuluma indaba yokuthi uZuma ubizele bonke oNgqongqoshe emhlanganweni okhethekile ehhovisi lakhe eKapa, kubika i-ENCA.

Hawu, kanti uMengameli akasakwazi ukubamba umhlangano noNgqongqoshe?

Kuthe ngesikhathi ihhovisi likaMengameli likhipha isitatimende esicacisa ukuthi lo mhlangano ungohleliwe nokuwumhlangano owenzeka njalo ngeSonto njengengxenye yemihlangano yangoLwesibili, Lwesithathu kanye noLwesine.

Ngemuva kwalokho, bona laba abasibikele ngalolu daba, bashaye ungqimphothwe bethi "kuthiwa imibiko yabezindaba akuyona iqiniso."

OLUNYE UDABA: UZuma ukhala ngamabhange angu-4 azenzela umathanda emnothweni

Kuthe sekuphole lowo vutho ndaba, kwaqala olunye lokuthi oluthinta uMengameli waseRussua. Kanti abahleli bezindaba zikamabonakude kabaziqinisekisi na izindaba ngaphambi kokuba bazethule emphakathini?

Ngemuva kwalokho, sekuvele udaba lokuthi iSACP ithi uZuma ubehlela ukuxosha iSekela lakhe uCyril Ramaphosa.

Uma ukubikisisa kahle konke lokhu, kucacile ukuthi bakhona abafaka ingcindezi yokuthi axoshwe uMengameli.

Ngabe lokhu kwenziwa ngoba kuvikelwa umbuso kulabo abaqhuba inkohlakalo noma kukhona abafuna ukuqinisekisa ukuba bafaka isipikili sokugcina ebhokisini lokuvalela uZuma.

Asike sibhekisise indaba yenkohlakalo eyenziwa uMengameli uZuma, ngokusho kwabezindaba.

Yini le abake basitshela yona engubufakazi obuphathekayo bokuthi, nakhu okwenziwe wuZuma uqobo, nali negama lakhe la kulobu bufakazi?

Ubani oke azibuze ukuthi yimiphi umkhankaso oqhutshwayo la nokuthi uqhutshwa ngubani?

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Le ngosi ibhalwe ngu-Nonkululeko Nhlapo @ndunhlapo 

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-26°C Sunny. Mild. Pta: 18-24°C Showers early. Morning clouds. Mild.
Jhb: 15-21°C Showers early. Morning clouds. Mild. Bloem: 17-28°C Mostly sunny. Warm.
Dbn: 22-28°C Rain early. Decreasing cloudiness. Warm. PE: 19-26°C Morning clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...