Umbono: Ngabe ziyashintsha ngempela izitabane noma kudlalwa ngathi?

2016-12-01 16:00

Durban -  Ngabe kuyenzeka ngempela na ukuthi isitabane sishintshe sibe wumuntu oqondile kuphele bonke ubutabane?

Kunzima ukuqondisisa into ongayazi nongabhekene nayo ngqo, yingakho ngithi angibuze mhlawumbe ukhona ozokwazi ukunginika ulwazi olugcwele ngobutabane.

Ngike ngizwe ukuthi kukhona abathandana nabobulili obufana nobabo ngqo, bese kuba khona labo esingathi bambaxambili ngoba bathandana nabobulili obufanayo babuye bathandane nabobulili obuhlukile.

Inkinga futhi nokubuye kube yinto edidayo wukuthi kwenzeka kanjani ukuthi umuntu athi akasesona isitabane, useguqukile.

Ngabe lokhu kusho ukuthi ubutabane yinto yokuzenzela noma esemqondweni, uma uzitshele kahle ukuthi awusafuni ungakwazi ukubuyeka?

Kodwa-ke sithini ngezingane ezikhula zitshengisa izimpawu zobutabane?

Lokhu ngikubuza kulandela udaba lukaMandla Zulu odume ngelika-Boyfriend njengoba wayethakasile ethi akasesona isitabane, kanti zolo lokhu ubethi usethole intombi ayithandayo futhi izomqoma ngokosiko.

Nansi imibono yabafundi:

S'phamandla Phumlani Latha  Lobu obuso busathi tatata! akukho lushitsho lapha kunini sbeleselwe ngento eyodwa ngangithi isaba nengane intombi kanti ayakafiki nakubo Description: https://www.facebook.com/images/emoji.php/v6/ee4/1/16/PACMAN_2.png:v akasadumile lona usadliwa kakhulu usezama kuzidumisa ekhuluma kwi Media intengekho.Akubuyelwa emuva kungemgqigqo uyoze afe ayistabane.Lona wasuke wazidumisa kanti iningi lempilo liyayifihla akasanakwa ushimile esevika ngentombi engekho sishimane ndini.

Gcini Zama MaSibia Mina ngizothi ngibonga uJehova nokuthembeka kwakho mfethu kuyena ngoba lento yobutabane imimoya kaSathane uma suphumile kuyo mfethu ibambe kanjalo bese uyakhuleka.

Nqam UCadolo Mbatha EMthaleni Bhuti Mandla sizokweseka kukho konke okwenzayo, akukho esizokuphikisa. Kulo mhlaba sikhululeke ukwenza noma yini esiyithandayo, kodwa kungahlukumezi ilungelo lomunye umuntu.  Lokhu kwakho akuhlukumezi muntu futhi le ndaba yakho ayixaki muntu, sengathi ungathola itshitshi khona lapho eNyokeni phela wena ungowasebukhosini.

Jakes Jakuja Hawu kodwa fana, shuthi nje wenza lokhu ekade kwenziwa kuwena phambilini. Asibonge ukuthi uze wavuka wase uvuleka namehlo futhi wakwazi ukuzwa ubumnandi bendalo. Umthande umuntu wakho.

Precious Leketlane Weeeee ayikho lento abaguquki laba badlala ngezingane zabantu. Hlala ugadile ntombi yakhe, ngoba ngelinye ilanga uyomubamba nenye indoda kowakho umbhede uyothi ngasho ngiyazi kahle.

Frida Mashinini Mfo namanje ngisathukile kanti kuyenzeka vele kuthi ube isitabane uphinde ube nentombi? Ngisola kuthi losisi wakudlengula lova wayizwa lento wase ubambelela.

Lucky Sbusiso Phoseka Awu siyabonga. Bese sibonga nomsebenzi omuhle owemziwe yileyo ntombi. Kodwa ngiyayizwela. Lo moya wobutabane ave unamanga. Usho lokhu namuhla, gwiqiqi kusasa sewusho okunye. Benza njalo uma sebefuna ukuzala, banele bengazala ingane eyodwa babuyele ephungeni labo elibi njengofishi. Siyojabula uma engezokhohlisa ingane yomnumzane.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 10-17°C More sun than clouds. Mild. Pta: 17-30°C Morning clouds. Warm.
Jhb: 16-26°C Rain late. More sun than clouds. Warm. Bloem: 7-26°C High level clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 16-20°C More clouds than sun. Cool. PE: 11-19°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...