Umbono: Kudlaliwe ngomkhwenyana ku-OPW

2016-10-18 10:01

Durban - Abantu abaningi ezinkundleni zokuxhumana bakhala ngobekuqhubeka kwi-Our Perfect Wedding ebitshengiswa ngeSonto kuMzansi Magic.

Kuningi okuvelile obekushayisana ngenkulumo yalezi zithandani nangendlela izinto ebeziqhubeka ngayo kulo mshado.

Kuthe kusenjalo kwavumbuka owesilisa, uNgcebo Makhubo, wathi nguye ubaba wangempela wengane okuvezwe sengathi ngeyalezi zithandani ebezishada.

Nakhu ukuphawula kwabafundi ngalolu daba:

Ziphelele Zee Bongekile Khumalo: Ibhulukwe likamkhwenyana belilincane, sathi sisabheke lokho usethi umakoti unguTrevor Noah ungqongqoshe wezezimali. Umkhwenyana uthe uthanda umama kamakoti kakhulu useze udlula yena umakoti. Ngingakhohlwa ubucwebecwebe bamasudi abakhaphi!

Sneh Mbali Biyela Umkhwenyanya udonswa ngekhala nje, futhi akanazwi, ukhona umkhwenyana ongaguqela umkhwekazi? Kade behambisa ikhekhe kumama kamkhwenyana abaguqanga kodwa kwathi seliyiswa kokamakoti kwaguqwa.

Nomthandazo Shelembe Umama kamkhwenyana egqoke sengathi umngcwabo, ubhuti akamnaki umawakhe kanti nomakoti bekumele adlale indima yakhe amgqokise umamezala. Isono lesi umfana waseMsinga ayogana eBluff udonswa ngekhala nje loya kubuhlungu ukube owasekhaya bengizombonisa.

Andries A. Nkosi Bekuyihlazo lomshado lona. Isiko belingekho, ibhulukwe belimpintsha umkhwenyana, amasudi ka-KK acwebezelayo, indandatho efakwe emunweni okungewona, umndeni wakwaNdlela ubungekho, bekuyinyakanyaka yodwa leya.

Ukube balenzile isiko, babiza nabadala baka Ndlela bekuzohamba ngohlelo. Kodwa ke sithi halala mkhwenyana ngokuyogana kubo makoti, uziphathe kahle emzini wakwaZungu.

Nkosinathi E Thwala Umkhwenyana ubengenazwi. Amasudu abewagqokile akhethwa ngumakoti, umfundisi obeshadisa ngowenkonzo kamakoti, usiko abebeqhuba ngalo umshado olwakamakoti, ngisho nendawo obekushadelwa kuyo eyakwamakoti. Abazali esibabone nephawula ngomshado ngabakwamakoti, kodwa ubemuhle umshado wabo.

Nombulelo Ndlovu Ibhulukwe likamkhwenyana belilincane, umndeni kamkhenyana ubukeka unganeme koda ke umama uzamile ukujabula. Sekuthiwa ingane ifuze unina ngobuhle ayifani nakancane nobaba.

Thembisile Constance Skosana Miina into engiyibone ngaloya mshado ukuthi umkhwenyana ukhohliwe abakubo ukhonze kakhulu abasekhwenii. Usuke wadonswa ubuhle bomfazi wakhohlwa abakubo. Okunye okungimangazile ukuthi bathi bangaqabulani ngoba kuyinkolo yasesontweni labo ngamangala ngoba ngumshado lo.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi eshicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

- News 24

Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 15-21°C Sunny. Cool. Pta: 20-32°C Mostly sunny. Pleasantly warm.
Jhb: 18-25°C High level clouds. Warm. Bloem: 14-30°C Sunny. Pleasantly warm.
Dbn: 18-19°C Numerous showers. Mostly cloudy. Cool. PE: 15-22°C Mostly sunny. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...