UMBONO: Kanti i-EFF imele bani ePhalamende njengoba ihlezi iduba?

2017-10-25 18:00

eThekwini - Kuphazamiseke ukuqala izinhlelo zosuku njengoba bekulindeleke ukuba uNgqongqoshe wezeziMali uMalusi Gigaba athule isabelomali sakhe sokuqala ngoLwesithathu.

USomlomo wePhalamende uBaleka Mbethe ubesafunda uhlu lohlelo losuku ngesikhathi kusukuma ilungu le-EFF uMbuyiseni Ndlozi ebuza ukuthi angasivumela kanjani isicashalala somndeni wakwaGupta sizokwethula inkulumo ePhalamende.

UMbete uzamile ukunqanda uNdlozi ukuba ahlale phansi, kodwa njengenjwayelo kwaqala inkulumompikiswano nomsindo ePhalamende.

Kwale ngisho sekucelwa iphoyisa lasePhalamende ukuba lilekelele uNdlozi ngokuphuma, kwasukuma uzakwabo uFloyd Shivhambu naye egcizelela ekutheni ngeke bakwazi ukulalela uGigaba.

OLUNYE UDABA: I-EFF ithi kusamele aphendule uDe Klerk ngakwenza kudala

Kuthe ekugcineni, lapho uMbete esecela ukuba wonke amalungu aleli qembu aphazamisa inqubo yePhalamende futhi angazimisele ukuhlonipha umthetho, ukuba ahambe - basukuma ngelikhulu iqholo.

Kuzwakale uShivhambu ethi: "Okuzokwenzeka namuhla wukuthi sizoniyeka niqhubeke nalo mdlalo wenu nilalele lesi sigebengu sethula inkulumo yaso."

IMIBONO YABAFUNDI

Samke Mukeh Benze kahle baphuma ngoba ayikho into eyaziwa i-ANC ngaphandle kwenkohlakalo amaqili lawa...EFF#phambilingeqiniso

Raymond Grootboom Ewuu ngikhalela laba abalahla ivoti labo ngokuyivotela ngoba iyakhohlwa ukuthi ayizithumanga kepha ivotelwe ukuba lapha ePhalamende. Uma benezinhlelo abazozenza ngalelo langa bavele badube baphume bayoqhubeka nabakade bekwenza, ababavotele dololo ukubacabangela.

Zama Rastar Angibagxeki ngoba bona bazi kangcono ngale nkohlakalo eqhutshwa uZuma nekhabhinethi lakhe elishintshwa nsukuzonke ngoba efuna ukufeza izinhloso zakhe zenkohlakalo. Angihambisani nokushintshwa kwekhabinethi efaka abantu abazolalela yena ngoba engundlovukayiphikiswa .....phansi ngedictatorship kaZuma!

Bhambatha Ka Mancinza Le EFF iyona engamasela ezohola ingasebenzanga isikhathi sokushayisa asikashayi njengoba isiduba umsebenzi, yona ayiboni ukuthi ixhaphaza thina bakhokhi bentela.

Mzukase Dibane Kazi abantu abanika I-EFF igunya lokuya ePhalamende, babethi abovele baphume ePhalamende, baphikise konke baphinde baphazimise.

Vella King Nhlenyama Le-EFF ngisho ngabe ibamele abantu noma cha kodwa lokuduba kwayo kubasizaphi abavoti uma benza kanjena ngoba kufana nokuthi babanikeza amandla nje kuphela.

Disclaimer:INews24 iqhakambisa ukukhuluma ngokukhululeka nokuzwakaliswa kwemibono eyahlukene. Lokho kuchaza ukuthi imibono yababhali bezingosi ezishicilelwe kuNews24, akuyona imibono yeNews24.

 – "Like" ikhasi lethu ku-Facebook uze ukwazi ukujoyina inkulumo ngolimi lwakho.

 – Landela IzindabaNews24 kuTwitter (@IzindabaNews24).

- News24

NEXT ON NEWS24 ISIZULUX
Isimo sezulu
Emigwaqweni
iLotto
Cpt: 18-22°C Morning clouds. Cool. Pta: 19-29°C Showers late. Morning clouds. Warm.
Jhb: 18-25°C Showers late. Morning clouds. Mild. Bloem: 16-29°C Drizzle. Morning clouds. Pleasantly warm.
Dbn: 21-26°C Tstorms late. More clouds than sun. Mild. PE: 18-24°C Afternoon clouds. Mild.
Isibikezelo sezulu sezinsuku ezingu-7...